Isifundazwe silindele ukuthi iSabiwomali esinikeziwe sona sizoba ngaphezulu kwemali engenile ngo R783,8 million noma ngamaphesenti angu 2,3 wayo yonke imali ezongena ngonyaka wezimali ka 2006/07. Kufanele kuqashelwe ukuthi lo mehluko uzovalwa yimali ezosala esiKhwameni Sezimali zesiFundazwe (Provincial Revenue Fund). Ukwenziwa ngcono nokulungiswa okuthe xaxa kokusetshenziswa kwesabelomali kuzoba yisizathu ezisemqoka ekugwemeni isikweletu uhulumeni angahle azithole esengene kuso.
Ngenxa yamandla akhonjiswe wumnotho waseGauteng onyakeni odlule, kulindeleke ukuthi imali yesifundazwe ye-MTEF izokwanda. Kulinganiswa ukuthi imali yesifundazwe qobo izokhula ngokulinganisiwe u 10 wamaphesenti ngesikhathi se-MTEF. Amarisidi entela (izintela zokugembula nokukhokhelwa kwamalayisensi ezimoto) aletha cishe u-80 wamaphesenti wemali engenayo, kanti amarisidi okungewona awentela (ikakhulu izimali ezikhokhwa yiziguli) aletha cishe u-19 wamaphesenti wayo yonke imali yesifundazwe bese iphesenti elisele lingeniswa ngezinye izimali.
Izimali eziphuma kuzwelonke okuyisabelo esilinganisiwe nezipho ezinemibandela zicabangela uhlaka lwakamuva lwezezimali nezingcindezi zemikhakha ezatholwa emva kokwethulwa kweSitatimendi Senqubomgomo Sesifundazwe SeSabiwomali Sesikhathi Esiphakathi Nendawo sika 2005, isibonelo: othisha abengeziwe ukuze kuhlangatshezwane nokwanda kwesibalo sabafundi, ukufakwa kohlelo lwamaholo aya ngokuba ngcono othisha nawosonhlalakahle kanye nokuqashwa kochwepheshe bezempilo, ukusatshalaliswa kohlelo lwemishanguzo edambisa i-HIV/AIDS, ukuvuselelwa nokugcinwa esimweni kwezakhiwo zezempilo, ukuvuselelwa kwezinxanxathela zemigwaqo yesifundazwe kanye nokwakhiwa kabusha kwezindawo eziyimijondolo.
Ukucutshungulwa kwamamagranti anemibandela sekuholele ekuqhamukeni kwamagranti amasha, ukuhlanganiswa kwamagranti akhona njengamanje kanye nokuqedwa kwamanye amagranti akhona njengamanje.
Igranti ye-Integrated Nutrition Programme (uHlelo Oluhlanganisiwe Lokudla) izofakwa esabelweni esilinganiselwe isifundazwe; isifundazwe sizoqinisekisa ukuthi ukutholakala kwezimali kuyasimamiseka ngokusebenzisa isabelo esilinganiselwe isifundazwe njengoba lolu hlelo luqhubeka njengengxenye yesibopho sesifundazwe.
Ukuthuthukiswa Kwamakolishi Okuqhuba Imfundo Nokuqeqeshwa kwaqala kwahlelelwa ukuba kuqaliswe ngo 2005/06, nokho kwakusalungiswa okuqondene nokuphatha; lolu hlelo luzokhokhelwa ngegranti enemibandela kusukela mhlaka 1 Aphrili 2006 kuze kuphele iminyaka emithathu. Le granti kuhloswe ngayo ukubhekana nezidingo zengqalasizinda ukuze kwesekelwe uhlelo lokufunda nokuqinisekisa ukuthi imfundo iyahambisana namazinga ezimboni.
Isabelo sokwenziwa isimanje kwezinsiza zomkhakha wesithathu sizosetshenziselwa ukufakwa kobuxhakaxhaka bedijithali ezibhedlela ezinkulu.
Ukuqalisa amazinga nemigomo emisha yokukhokhelwa kwezikole, ukuqinisa izikole ezikhethekile, nokwandisa izinhlelo zokuphathwa kwezokwazisa.
Izinhlelo zamazinga aphakeme nezokufukula zizogxila kumasu omnyango okunxenxa amabhizinisi azimele ukuba abambe iqhaza elibonakala kakhudlwana ekwenzeni imfundo ihambisane futhi ihlangabezane kangcono nezidingo zamakhono zomnotho wezwe. Isabelo esilinganiselwe isifundazwe sikhokhela ukulethwa kohlelo lokwaziswa ngokuphathwa kwemfundo (EMIS) ezikoleni eminyakeni ewu 3 ezayo njengengxenye yohlelo olubanzi lokwenza ngcono ukuphathwa kwemikhakha kahulumeni nokubika mayelana nezinga lokusebenza. I-EMIS igxila ekuqoqeni nasekuhlaziyeni ngezinhloso zokuhlela okunobunyoninco, ukwenza izingcwaningo zaminyaka yonke zokwaziswa koMfundi/kukaThisha ezikhungweni zesifundazwe ngezinhloso zokuhlela nokugada. Umnyango uzogxila ekulethweni kwemithombo edingekayo yakwa Grade R kanye nokwandisa iphesenti lezingane ezineminyaka yobudala engu 5 ezikoleni ezixhaswe wuhulumeni ku-Grade R.
IsiTatimendi sohlelo Lwemfundo siwumkhombandlela kothisha mayelana nohlelo lwemfundo olusha olugxiliswe kwimiphumela. Ukuqaliswa kwamazinga nemigomo okubukeziwe kokukhokhela izikole kuhlose ukuqeda ukukhokhwa kwemali yesikole ezikoleni ezinabafundi abantula kakhulu ngokohlelo lokukleliswa kwezikole ezintulayo.
Ukwenziwa ngcono kwamaholo osonhlalakahle.
Uhlelo Olwandisiwe Lwemisebenzi Kahulumeni Ekuthuthukiseni Imiphakathi luzofaka isandla ekudalweni kwemisebenzi ngoHlelo Lokunakekela abantu abane-HIV/AIDS Emakhaya Abo Emphakathini nangokuqeqesha nokuthuthukisa.
Imithamo ekhonjiswe kwithebula 2 ngenhla iveza ukukhokhelwa kwesiZinda esisha Somcebo Sesifundazwe.
Ukutshala kubasebenzi besiZinda Somcebo Sesifundazwe eGauteng nokubafukula.
Ukwenza iGauteng ibe yiKhaya lezemidlalo yokuncintisana nokuphatha imincintiswano emikhulu.
Ukugqugquzela izimboni eziqhamuka namasu amasha - ezobuciko namasiko, imboni yezokuvakasha neyamafilimu.
Uhlelo lwezokuthutha oluhlanganisiwe nolukhaliphile kanye nokuphepha komphakathi emigaqweni yethu.
Ukugcinwa kwamagugu Ukwenziwa ngcono kwezitadiyamu ezinkulu eziwu-4 nokuqhubekiswa kweGauteng njengekhaya lezingqwele. 60,000 Isu Lobuciko Namasiko Ukuthuthukisa nokuqhubekisa imikhiqizo nezinsiza kwezinkampani eziqhamuka nokusha. Ukutshala izimali ekusekeleni nasekuthuthukiseni imiphakathi ezenzela izinto ngokuletha izinhlelo, ukuthuthukiswa nokugcinwa kwengqalasizinda kanye nokudala ukufinyelela emicimbini nasemathubeni ezamasiko.
Isu lezolimo Le phrojekthi izokhokhela isu leZolimo; ingxenye yalo izogxila kwi agro-processing nakwi bio-technology. 14,000 16,000 18,000 Ukuthuthwa komphakathi, Imigwaqo, neMisebenzi (DPTRW) Uhlelo oluhlanganisiwe lwezokuphepha nokuvikeleka Ukuthuthukisa uhlelo lokuphathwa kwezinqola zomgwaqo oluhlanganisa konke ukuze kugadwe izehlakalo zasemigwaqeni, ukucinana kwezimoto nezinye izinkinga eziqondene nokuphathwa kwezimoto 54,000 90,000 156,000 Ukuphepha kwemiphakathi Uhlelo oluhlanganisiwe lwezokuphepha nokuvikeleka Njengenhla 25,000 50,000 Ezezindlu Amalokishi awu 20 Aphezulu Ukuvuselelwa kwamalokishi akhona okuhlanganisa ukulungiswa kanye/noma ukwakhiwa kwezakhiwo zomphakathi nezomnotho, ukulungiswa kwemijondolo esemagcekeni ukuze kwenziwe lula ukutholakala kwerenti emiphakathini kanye nokuthuthukiswa kokugcwaliswa kwemihlaba ukuze kwande izakhiwo 20,000 15,000 GSSC Isikhungo sokushayela izingcingo sikaHulumeni Wesifundazwe saseGauteng (GPG) Ukwenza ngcono ubudlelwane phakathi kezakhamizi, abamabhizinisi, uhulumeni nabasebenzi ngezinsiza ezihlanganisiwe ze e-government. I-GPG yamukela isu le e-governance okuhloswe ngalo ukulethela izakhamizi, amabhizinisi nabavakashi be-GPG ukutholakala okulula nokunhlobonhlobo kwemininingwane nezinsiza kukahulumeni.
Eminye iminyango ithole ukwandiselwa izimali okujwayelekile okucabangela ukukhuphuka kwamaholo kwaminyaka yonke kanye nemithelela yanoma yiziphi izindleko ezilindelekile zempahla nezinsiza ehambisana nokwehla kwamandla emali. Lokhu kwandiswa kubuye futhi kucabangele izindleko zako konke okuqondene nabasebenzi, ikakhulu imithelela edluliselwe kulo nyaka yesivumelwano samaholo sika 2005.
Izindleko ezidlulele kulo nyaka zesivumelwano samaholo sika 2005 (ukwandiswa kwamaholo othisha nabaphathi, uhlelo lwemivuzo, ukuhlonishwa kwemfundo etholakele ngaphambilini kanye nokuqhubekiswa kwe-maths nesayensi) zoMnyango wezeMfundo yizo eziyingxenye enkulu yokukhuphuka kwemali ezosetshenziswa kubasebenzi ngesikhathi se-MTEF.
Uhlelo lwezingqalasizinda lwesifundazwe luhlanganisa: ukukhokhelwa kwempahla esetshenziswayo (ikakhulu okuwukuchitha izimali kweminyango okuxoxwe ngako phambilini), ukudluliswa kwezimali zokusebenza (ikakhulu izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu kanye namaphrojekthi ezingqalasizinda ezikhethekile ngenhloso yokuqhubekisa ukukhula nokuthuthukiswa komnotho), ukugcina esimweni esifanele (ukulungiswa kwansuku zonke, okuhleliwe nokuphuthumayo) namanye amaphrojekthi. Ingqalasizinda ikleliswe kabusha ekukleliseni kwe-GFS yaba yilokhu: Amaphrojekthi amasha ezoKwakha, ukuVuselela/ukuLungisa, ukuGcina esimweni namanye kwiThebula 11 ngezansi ukuze ahambisane kangcono nokutshala kwesifundazwe kwingqalasizinda.
Isabelo esengeziwe sezeMpilo sizohamba ibanga elide ekuqasheni ochwepheshe bezempilo nasekudaleni imivuzo yokugcina abasebenzi emkhakheni wobuchwepheshe kwezempilo. Lokhu kuzosiza futhi isifundazwe ekufezeni inhloso yokuthuthukisa abantu abanempilo, abanamakhono nabakhiqizayo.
Izabelo ezandisiwe zokuThuthukiswa Kwemiphakathi zizonweba izinsiza zenhlalakahle ezikhona kumphakathi wase Gauteng zibuye zisize ekubhekaneni nenkinga yobuphofu.
Isabelo esihlangene esilinganisiwe sengxenye yezemiphakathi (ezeMpilo, ezeMfundo nokuThuthukiswa Kwemiphakathi) siwu 69 wamaphesenti wemali isiyonke ezosetshenziswa yisifundazwe ngonyaka wezimali ka 2006/07; kanti kusona iMfundo izodla 52 wamaphesenti ukuze kulethwe imfundo esezingeni eliphezulu ezikoleni zikahulumeni, kukhuthazwe nezakhamizi ezinomdlandla ukuze kukhuliswe futhi kuthuthukiswe ezomphakathi nezomnotho eGauteng. Ezempilo zicishe zithathe 44 wamaphesenti wesabiwomali kanti ziletha izinsiza zempilo ezisezingeni eliphezulu kwizakhamizi. UkuThuthukiswa Kwemiphakathi wu 4 per cent osele wengxenye yezomphakathi kanti uletha izinsiza zenhlalakahle yezomphakathi. Omunye u 31 wamaphesenti wesabelo sesifundazwe usetshenziswa ngeminye iminyango enezinhlelo eziqhubekisa ukukhula nentuthuko, imiphakathi esimeme futhi ziqinisekise ukubusa okufanele nokuba nesibopho ngokwenziwayo.
Imali ezochithwa yisifundazwe ngo 2006/07 izoba wu R34,460 billion; Izabiwomali ezinikeziwe zizoba ngaphezulu kwezimali okulindeleke ukuba zingene ngo R783,8 million, okuyimali ezokhokhelwa nge-akhawunti ebekwe eceleni yesiKhwama Sezimali Zesifundazwe.
Yahlukanisa izimali eziphuma kusikhwama semali sesifunda esizosetshenziswa yisifunda ngonyaka wezimali ophela mhla zingamashumi amathathu nanye ku-Mashi 2007.
Iqukethe imininingwane ngokuhlukaniswa ngeminyango njengoba kuchaziwe ngobunzulu kwisigaba esingaphezulu.
